ABASE GHANA BATHI ABAFUNI UKUSHAYELWA UMHLAKA 30 JUNE BEKULELI

KULINDELEKE ukuthi ihambe nenqwaba yezakhamuzi indiza yaseGhana kusasa. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
ZILOKHU zitheleke ngobuningi bazo izakhamuzi zaseGhana ePitoli ebezikuleli, kulandela amamashi athe chithi saka anxenxa abokufika abalapha ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo.
Lezi zakhamuzi zitheleka ngamabhasi kanye namatekisi eGhana High Commission, ePitoli okuyindawo lapho zilungiselela khona ukuhlolwa kwezokuphepha ngaphambi kokuthi zilibhekise emakhaya. Iqembu lokuqala kulindeleke ukuthi lihambe kusasa, kanti bangaphezu kwama-800 abaseGhana abanentshisekelo yokubuyela ezweni labo.
Lolu hlelo luqalwe uhulumeni waseGhana ngenhloso yokweseka izakhamuzi ezifuna ukubuyela ekhaya. Kuzokhumbuleka ukuthi ngeviki eleldlule leli phephandaba labika ngendiza eyafika kuleli iphuma eGhana kodwa yahamba igengqeza nomuntu oyedwa vo.
