Uncategorised

KUZOKHUNJULWA KUHLONISHWE UBHODLOZA NZIMANDE

UBHODLOZA Nzimande owaba negalelo elikhulu ekuthuthukiseni umculo kamaskandi. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UZOKHUNJULWA aphinde ahlonishwe ngedili lomculo kamaskandi uMnuz Welcome Bhodloza “Ngulube Encane” Nzimande, ngenxa yegalelo lakhe emculweni nasemsakazweni UKhozi FM.
Lokhu kuvele ngesikhathi kunesithangami sabezindaba e-Octavia Hotel, eNanda ebesihlelwe yiPhuzekhemisi Foundation nenhlangano Icikolethu, okuyibona abangabahleli balo mcimbi obizwa ngeBhodloza Nzimande Maskandi Festival.

UStanley Cele ongomunye wabahleli balo mcimbi, uthi sekunesikhathi ebona isidingo sokuthi kube khona okwenziwayo ukuhlonipha uBhodloza, ngenxa yomsebenzi omkhulu awenza emculweni wesintu nasemkhakheni wezobuciko.
Uthi lo mcimbi uzobanjwa kulonyaka ngoMandulo okuyinyanga yamagugu, ngenhloso yokuhambisana, nokugqugquzela amasiko nobuciko.
Ingqalabutho emculweni kamaskandi, uPhuzekhemisi Mnyandu, uthi ubone kubalulekile ukweseka lo mbono ngoba uBhodloza wadlala indima enkulu ekukhuliseni nasekusekeleni abaculi, ikakhulukazi abasendimeni kamaskandi.

UNkk Zandile Nzimande onguNkosikazi kaBhodloza, uthi uyaweseka kakhulu lo mcimbi wathi kade waba nesifiso sokuthi kube khona into efana nalena, yokuhlonipha umsebenzi womyeni wakhe.