Uncategorised

UGONYULUKA NGEYOKUVUKA KWENDUKU KUSHUTHWA I-RED INK

UNIVARNA Mseleku usola uBonko Khoza ngokumnukubeza. IZITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

UMLINGISI uNivarna Mseleku uphumele obala wasola uzakwabo kwezokulingisa uBonko Khoza owayedlala indawo kaMqhele Zulu kwi-The Wife ngokuvukelwa belingisa.

UNivarna uthi kwenzeka lokhu ngesikhathi beqopha ifilimu iRed Ink ngoMandulo nyakenye. “Kwakumele angidlwengule bese eyangibulala ngokomyalelo we-Script, njengoba wayelingisa indawo yombulali ononya . Okunye okwakushiwo iscript ukuthi angichilize ngiwe, uma sengiwile agibele phezu kwami akhulume ngolaka bese mina ngimemeze ngibange umsindo. Konke sakulungiselela ngaphambi kokuba siqophe, ngathuka uma sekuvuka imizwa, induku yakhe isingithinta. Lokho kwangenza ngazibona senginyukubezeka, nento engangigqokile yayincane kakhulu yayinganginiki ukukhululeka,” kubeka uNivarna.

UBonko Khoza ukhiphe isitatemende eziphika zonke izinsolo ezibhekiswe kuyena. Esitatimendeni uthi izinsolo ezibhekiswe kuyena zibucayi kakhulu kumele zibhekisiswe ngokucophelela, uthi konke akwenza wayelandela imiyalelo yeScript. “Egumbini esasiqopha kulona kwakunabantu abayi-12, kubona bonke akekho owabona ukunyukubeza nokunyukubezwa . Nakuba zabakhona izinkulumo kodwa ngacela umhlangano ukuze lingangcoli igama lami, kulo mhlangano kwakukhona abaphathi naye uNirvana. Saphinda sabukwa lesi siqephu esasishuthwa kepha awutholakalanga ugcobho ngiyamangala uma ziphinda zivuka lezi zinsolo,” kubeka uKhoza esitatimendeni.