BANYELWE INYONI ESANDLENI ABASIKI BENGQEPHU ABASAFUFUSA

ISIQUBULO sika-2026 seHollywoodsbets Young Designer Award sithi Country Allure. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
ABAFUNDI abenza ezemfashini bakhombise ubuhlakani obumangalisayo emzuliswaneni wokuqala, wokwahlungelwa i-Hollywoodbets Durban July Young Designer Award, lapho bebelandela khona isiqubulo sika-2026 esithi “Country Allure”.
Kubafundi abangaphezu kwa-140 abavela ezikhungweni zemfundo eziyi-10, kukhethwe abafundi abangama-25 abazongena emzuliswaneni owandulela owamanqamu. Izingubo zabo beziveza ubuhle besitayela sasemakhaya, amagugu aseNingizimu Afrika kanye nobukhazikhazi besimanje.
IMenenja Yezokumaketha kwiHollywood Foundation, uVuyisile Ngobese uthi liyamjabulisa izinga okukhuphuke ngalo lomsebenzi elikhonjisiwe. “Kuyajabulisa ukubona abafundi belandela isiqubulo ebesibekiwe baphinde bakhombise ukuzigqaja ngokuba ngabaseNingizimu Afrika. Abafundi baphinde bazibeka obala izinto ezenza izwe lethu lihehe, ”kusho uVuyisile.
Ube esencoma indlela abafundi abasebenzise ngayo izindwangu nezinto zokuhlobisa ngendlela entsha, wathi abaningi bakwazile ukushiya uphawu lwabo ezingubeni zabo.
Obengomunye wamajaji, umsiki wengqephu owaziwayo uKathrin Kidger uthe izinga lenyuke kakhulu. ,
“Izinga lomncintiswano linyuke kakhulu kulo nyaka. Abafundi abagcinanga ngokulandela isiqubulo kodwa bakhombise ukujula okukhulu, ngicabaga ukuthi ilokho okwenze bakhiqiza izingubo ezisezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho uKidger.
Bangama-25 abazongena emzuliswaneni olandelayo bazokwethula izingubo zabo eHollywoodbets Greyville Racecourse namuhla, lapho kuzokhethwa khona abayishumi bokugcina. Ozonqoba uzothola uxhaso lwezemfundo luka-R70 000 oluvela kwiHollywood Foundation neminye imiklomelo yemali nohambo oluya eSA Fashion Week, eGoli.
