UNTULI NEZINHLELO ZOKULWA NOBUGEBENGU ENANDA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UNDUNANKULU KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uthi ufuna ukwakha ubudlelwane nomphakathi ukuze kuliwe nesihlava sobugebengu eNanda, eThekwini.
UNtuli ukusho lokhu ngesikhathi ebize imbizo yokuthola izimvo zomphakathi, ukuze kuqhanyukwe nendlela yokulwa nobugebengu obudla lubi kule ndawo.
“Kufanele sibambisane sonke ukuze sikwazi ukunqoba ubugebengu. umphakathi kufanele uzisholo wona ukuthi ufuna kwenziwe kanjani ukuze kuliwe nobugebengu,”esho.
Uthe inhloso ukuqeda ubugebengu nokwenza iTheku libe yindawo ephephile, sivikele izingane nezikole.
“INanda iyona ehamba phambili eNingizimu Afrika ngokuhlukunyezwa kwabesifazane. Umhlangano nezinhlaka zomphakathi ukudingida izinkinga. Sifisa kuphele lokhu kokuthi endaweni kube nomuntu odume ngokuthi uyagwazana noma osantshwayo umphakathi,” kusho uNtuli..
UNtuli ube esencoma iqhaza elibanjwa yizinhlaka ezilwisana nobugebengu emphakathini, nathe usaphezulu kwezingxoxo zokuthi bakwazi ukubahlomulusa.
Ube esenxusa abazali ukuthi nabo babe yingxenye yokulwa nobugebengu, babike uma izingane zabo zingena ebugebengwini.
