KUPHELILE NGE-SCANDAL NE-HOUSE OF ZWIDE

UMDLALO iScandal ozogcina ukukhonjiswa mhla zingama-26 kulenyanga.

IHOUSE of Zwide nayo izogcina ukukhonjiswa mhla zingama-26 kulenyanga. IZITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
BAKHALA ezimathonsi ababukeli beScandal neHouse of Zwide, njengoba le midlalo emibili izophela kanye kanye kulenyanga, njengoba abakwa-eTV, bethi izophela futhi isikhona ezingena esikhaleni sayo
I-Scandal ebesineminyaka eyi-21 sikhonjiswa kulesi siteshi, kulindeleke ukuthi sikhombise isiqephu sokugcina, mhla zingama-26 kule nyanga, IHouse Of Zwide yona ineminyaka emihlanu nje vo ikhonjiswa kulesi siteshi.
UGrace Mahlaba ongumbhali womdlalo iScandal, ubonga ukwesekwa kuyo yonke le minyaka, waphinde wabonga nabalingisi abasaphila nabangasekho ngokusebenzisana okuhle.
“Ngafika kule ndima ngingowesifazane omncane kakhulu, ngathola ukwesekwa okukhulu okuvela kubabhali abamnkantshubomvu nakubalingisi. Ukungeseka kwabo yikona okwangigqugquzela ukuthi ngiqhubeke. Namuhla iScandal sineminyaka engama-21 sikhona endimeni sesinqobe nezindondo eziningi. Ngithanda nokubonga abalingisi abasaphila nabangasekho emhlabeni ngokuzinikela emsebenzini wabo, ngaphandle kwabo bewungeke uphumelele lo mdlalo,” kusho uMahlaba.
Umdlalo ozongena ezicathuleni zeScandal kuzoba i-The Four Of Us, obophela umlingisi omnkantshubomvu uSindi Dlathu, kanti umdlalo ozokhipha iHouse Of Zwide kuzoba i-Egagasini, umdlalo oqoshelwe eThekwini.
