Uncategorised

KUDUTSHULWE IPHOYISA LOPHIKO LWE-POP EGOLI

LUQALILE uphenyo ngokubulawa kwephoyisa eGoli.

NOMCEBO NGEMA

ASHAQEKILE amalunga omphakathi aseTsakane, eGoli, kulandela ukudutshulwa kubulawe iphoyisa ebelingekho emsebenzini, besebenza ngaphansi koPhiko lwePublic Order Policing (POP)

Ngokuthola kwaleli phephandaba, leli phoyisa belilalelwe uyendle abasolwa abathathu abangaziwa ngaphandle kwesitolo sendawo, lidutshulwe amahlandla amaningi, lashonela endaweni yesigameko.
Kube sekuntshontshwa isibhamu salo nomakhalekhukhwini. Ngemuva kwalesi sigameko abasolwa baye komunye umgwaqo bafike badubula umuntu obezihlalele emotweni yakhe baqede lapho bakha phansi.

Amaphoyisa kanye nama-Hawks sebetshaliwe kuleyandawo ukuze kuqale uphenyo. Okwamanje akukho muntu osaboshiwe.