Uncategorised

ICEBOLETHU IPHEFUMULA NGOKWENZEKILE NGESIDUMBU SIKA-MENGAMELI UNKONYANE

ISITATIMENDE esibhalwe Icebolethu Group eNewcastle iziphendulela.

UMENGAMELI Thamsanqa Nkonyane obekufanele abekwe endlini yakhe yokugcina ngempelasonto kodwa akwangenzeka. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

IYAZIPHENDULELA ngokwenzekile inkampani yabangcwabi kuleli Icebolethu Group eNewcastle njengoba lisematheni kulezi zinsuku, kulandela ukutholakala kwezitini ebhokisini lomgcwabo esikhundleni sesidumbu ebesigcinwe emakhazeni abo, sikaMengameli webandla iThe Christian Catholic Apostolic Holy Spirit Church In Zion, Inyoni Emhlophe.

UMengameli Thamsanqa Nkonyane bekufanele abekwe endlini yakhe yokugcina ngempelasonto kodwa kwatholakala ukuthi ibhokisi ligcwele izitini zokwakha, umzimba kamufi awukho. Lokhu kudale ukuthi uNkosikazi kaMengameli, uNkk Dolly Nkonyane (uMaNgcobo) nomndeni wakwaNkonyane bavulele icala iCebolethu Funerals.
Kuphinde kwasolwa uNksz Priscilla Mazibuko (MaKhuzwayo) obeyisancinza sikaMengameli futhi ehlala naye eThekwini, ukuthi uyena ontshontshe isidumbu njengoba izolo sitholakale singcwatshiwe kwelinye ibandla.

Icebolethu lithi liyilandelile yonke imigomo nemibandela. “Sithanda ukusho ukuthi isidumbu sikaMengameli asidukile. Umngcwabo waba lapho umndeni owawufisa ukuthi ube khona futhi zazingekho izitini zokwakha ebhokisini. Lokhu kwezitini akulona iqiniso, siyacela abantu bayeke ukusabalalisa izindaba ezingelona iqiniso ngoba lokho kudicilela phansi isithunzi sikaMengameli webandla kanye nomndeni. Umndeni wacela ukuthi isidumbu silethwe ngoLwesihlanu mhla zi-5 kulenyanga, ekhaya. NgoMgqibelo mhla ziyi-6 saqhubeka nenkonzo yomgcwabo, ngesikhathi inkonzo iphakathi sathola incwadi ephuma enkantolo senza njengoba isiyalela,” kusho Icebolethu kwisitatimende.

Icebolethu liqhube lathi angeke likwazi ukuphawula ngezinye izinsolo njengoba udaba lusenkantolo.
“Sicela kunikwe imindeni isikhathi ngasese futhi yesekwe ukuze ilungise ukungaboni ngaso linye kwayo,” kuphetha Icebolethu Group.