ISILO SIYAGCAGCELWA KUSASA UMAMYENI

ISILO uMisizulu KaZwelithini kanye noNdlunkulu uNomzamo KaMyeni. ISITHOMBE : FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
NAKUBA Ike yaba yinzukasikeyi eyokugcagcelwa kweNdlulamithi uMisuzulu kaZwelithini, egcagcelwa uMaMyeni, kodwa indlunkulu ugcine ikhiphe incwadi kuqinisekisa sayo, ukuthi ziyawushaya eNdlunkulu.
Lezi zindaba ziqinisekiswe iSizowakha okaZulu Foundation okuyinhlangano kaNdlunkulu uNomzamo Myeni. “ISizowakha okaZulu Foundation ithanda ukucacisa ngemibiko ebikwa abezindaba, sithanda ukuqinisekisa ukuthi ivideo kanye nesimemezelo esenziwe uMntwana uGibizizwe Zulu besigunyazwe indlunkulu. Lesimemezelo besimema sonke isizwe samazulu kanye nomphakathi kumgcagco wesintu weSilo uMisizulu KaZwelithini kanye noNdlunkulu uNomzamo KaMyeni,” kusho isitatimende.
Kuke kwavela ukuthi zizowushsya kukaMaWewe, no kugqame ngesikhathi kunoMkhosi woMhlanga kulonyaka, lapho iNdlulamithi eyakubeka yanfahloniza ukuthi OKaMawewe, yagcina ukuhamba lo mkhosi.
Ngokuthola kwale phephandaba kuthiwa iSilo besifuna ukushaya OKaMawewe kodwa kwathi WA, as uqale sigcagcelwe uMaMyeni kuqale.
