ISILO SINIKE ISIBUSISO ABE-DA

ABAHOLI beDemocratic Alliance uGeordin Hill-Lewis kanye noSithembiso Ngema abebebeyingxenye yohambo lokuyokotha ISilo uMisuzulu kaZwelithini. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
ABAHOLI beqembu lepolitiki iDemocratic Alliance (DA), ebeliholwa uGeordin Hill-Lewis, bothe iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano phakathi kwaleli qembu nobukhosi bakaZulu, esigodlweni eMashobeni,izolo.
Lolu hambo beluyingxenye yokukhombisa ukuhlonipha indima edlalwa ubukhosi kubantu baseNingizimu Afrika.
” Ubukhosi bakaZulu busengumgogodla wokulondolozwa kwamasiko, umlando nobunye. Siyabuhlonipha kakhulu ubukhosi bakaZulu, yingakho ngaphambi kokuthi siqale umkhankaso wokhetho lohulumeni basekhaya kufanele siqale sithe iSilo uMisuzulu kaZwelithini. Besingeke ivele sigulujudele singabikanga umnikazi, “kubeka uHill-Lewis.
ISilo uMisuzulu kaZwelithini ubemukele, wakuthakasela kakhulu ukufika kwaleli qembu.
” Akukho iqembu engiyilo futhi ngiwathanda wonke amaqembu, okubalulekile ukuthi iqembu lepolitiki uma seliphethe libeke izidingo zabantu bami phambili. Umlando uyaziphinda njengoba leliqembu belifika uMdlokombane iSilo esesakhothama, ukuzokotha ISilo uma kuzoba ngokhetho njengoba namanje benze okufanayo, ” kubeka iNdlulamithi.
INdlulamithi ibe isibanika isibusiso sokuthi sebengaqala imikhankaso yabo abeDA.
Ubuholi be-DA obothe iSilo kubalwa kubo uSolly Msimanga, uSithembiso Ngema, uDean Macpherson, uMartin Meyer noThami Mabhena namanye amalungu obuholi beqembu KwaZulu-Natal.
