Uncategorised

UMASIPALA WASENKANDLA UGASELE EZITOLO ZABOKUFIKA

IMEYA kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza uthi awukho umnotho waseNkandla ozohamba nabokufika.

UMASIPALA waseNkandla uhambisana nezinhlaka ezihlukahlukene begasela ezitolo zabokufika. IZITHOMBE: NKANDLA MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

UGASELE kungazelele muntu uMasipala waseNkandla oholwa iMeya uCllr Nonhlanhla Nzuza, ezitolo zabokufika, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zonke izitolo ezisebenzayo zilandelana imithetho futhi abekho abokufika abanamabhizinisi ngokungemthetho,izolo eNkandla.

UMasipala waseNkandla ukwenze lokhu ngokubambisana noMnyango wezaseKhaya, amaphoyisa alwa nobugebengu, iKing Cetshwayo District Environmental Health, amaphoyisa kaMasipala, uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezeMvelo nezokuVakasha kanye nehhovisi lakwa-LED.

IMeya uCllr Nzuza uthi lena ingenye yezindlela zokuqinisekisa ukuthi abukho ubugebengu futhi awukho umnotho wendawo ozohamba nabokufika.
“ Noma idolobha laseNkandla lilincane kodwa kufanele likhuliswe ngokuheha osomabhizinisi nabatshali zimali. Angeke sivumele nanoma ngubani ukuthi athathe umnotho ngoba izakhamuzi kufanele kube khona ezikuhlomulayo ngokufika kwebhizinisi. Sinxusa umphakathi ukuthi uvikele amabhizinisi, nezindawo zawo zingagcwali abantu bokufika abangagunyaziwe ukuthi babe seNingizimu Afrika,” kusho uCllr Nzuza.

Amaphoyisa omgwaqo kaMasipala aseNkandla ebelekelela, esabalele ezindaweni eziningi ebambisene nawakwabanye omasipala ehlola izimoto nezimfanelo ezihambisana nokuba semgaqweni.