USHENGE UTUSE EYOKUBHUNGWA KOKUPHAKELWA KWAMANZI KWABASE-KZN

UNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi, uncome ingqungquthela yamanzi, ukuthi uzoqinisekisa ukuthi is eqhulwini eyokuhlinzeka umphakathi ngamanzi ahlanzekile. ISITHOMBE: GCINA NDWALANE
NOMCEBO NGEMA
INGQUNGQUTHELA yamanzi ikhombise ukubekwa eqhulwini intuthuko yamanzi emphakathini, nokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu oKwaZulu-Natal uhlinzekwa ngamanzi anele futhi ahlanzekile. Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neZindaba zoMdabu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi kuNgqungquthela yamanzi e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Center namuhla.
UNgqongqoshe Buthelezi uyishayele ihlombe le ngqungquthela ebihlanganise omasipala, Amakhosi aseNdlunkulu, abaqhamuka kwizinhlangano ezehlukene nabatshalimali.
“Le ngqungquthela siyiphethe ngokwenza izibopho njengesifundazwe, sokuthi yikuphi okufanele sikwenze ukuze abantu bathole amanzi ahlanzekile. UNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli usinike umhlahlandlela wokuthi yikuphi okufanele kwenziwe omasipala kusukela namuhla, yikuphi okufanele kwenziwe uMnyango weZokubusa ngokuBambisana neZindaba zoMdabu KwaZulu-Natal noMnyango wezeziMali. Ngemuva kwezinsuku ezingama-90 sizophinde sihlangane sibheke ukuthi sesihambe kangakanani ukuthi sihlangabezane nezinselelo abantu abakhala ngazo,” kusho uNgqongqoshe uButhelezi.
