UBUSEZINGENI OWO-UGU JAZZ FESTIVAL

UMCULI osemncane uNaledi Aphiwe obengomunye abebenandisa ko-UGU.

UMCULI wezingoma zokholo osemnkantshubomvu endimeni uBenjamin Dube. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
BEKUPHUME nesinedolo kumcimbi wo-Ugu Jazz Festival Offramp Experience, obuse-Ugu Sports & Leisure Centre ePort Shepstone kusukela mhla zingama-25 kuya zingama-27 kuNhlangulana 2026.
Lo mcimbi wezinsuku ezintathu ubuhlanganise umculo, amahlaya, inkonzo yokukhonza kanye namathuba okuxhumana kwezamabhizinisi (networking). Phakathi kwabaculi abebenandisa kubalwa uDon Laka, uMawhoo, uNaledi Aphiwe, uHlengiwe Mhlaba, uMfundisi Benjamin Dube, uZawadi Yamungu nabanye abaningi. Lo mcimbi bewuhanjelwe uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal , uMnuz Mntomuhle Khawula neMeya yoMasipala Wesifunda wo-Ugu, uCllr Sikhumbuzo Mqadi.
“Sijabule kakhulu ngokwesekwa esikutholile kubaxhasi, abaculi, ozakwethu kuhulumeni, abahlinzeki bezinsiza kanye nomphakathi. Impumelelo ye-Ugu Jazz Festival Offramp Experience, ikhombisa ukuthi ukubambisana kungaletha imiphumela emihle. Lo mcimbi awugcinanga ngokujabulisa izethameli kepha uphinde waletha umfutho emnothweni wesifunda njengoba izindawo zokulala, ezokudlela, abezokuthutha, osomabhizinisi abancane nabadayisi bendawo bezuzile ngenxa ngokwanda kwezivakashi,” esho.
IMeya KaMasipala Ugu uCllr uMqadi ubonge uMnyango waKwaZulu-Natal wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMasipala Wesifunda i-Ugu, abaxhasi, abaculi, abezimo eziphuthumayo, abezokuphepha, amavolontiya kanye nabezindaba ngendima abayiklamile kulo mcimbi.
