UKHAWULA UPHONSELE INSELELO IZIFUNDISWA E-UKZN

UMBIKO: AKHONA DLAMINI
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnu Mntomuhle Khawula, uhlabe ikhwelo lokuthi izifundiswa ziqhamuke nezixazululo zokuthuthukisa ezemidlalo, ubuciko namasiko ukuze kuthuthukiswe umnotho wakulesi sifundazwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula amagugu, ezokuvskasha., ezomlando, amasiko nezobuciko.
Wethule iHeritage & Tourism Packages nokuqala kweKZN Cultural and Creative Industries Experience.
UNgqongqoshe uthi lolu hlelo luzokuba khona minyaka yonke, luzogxila kuzo zonke izindawo zaseKZN, kulo nyaka lugxile eThekwini.
Lolu chungechunge lubandakanya ezemidlalo, amaciko nezamasiko, luqale mhla ziyi -12 kuFebruary kuze kube ziyi-23 kuFebuary.
Izindawo ezizoba nemidlalo yeshashalazi,, umculo, imisebenzi yezandla kanye mfashini kubalwa Playhouse, KCap, Wushwini Pan African Centre, Music House KZN, Camp Orchards, BAT Centre, Pavillion ne-1860 Heritage.
UKhawula ngesikhathi evakashele iNyuvesi i-UKZN ngoSuku Lwemisakazo Lomhlaba Wonke oluhlelwe yiNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ngokubambisana nohlelo lweRadiocracy e-UKZN Howard Theatre, uthe bazimisele ukufaka ezobuciko nezemidlalo ukulwa nesikhwathalala kubantu.
“ Sizimisele ukusebenzisana nongotii nezingcweti ukwenza isizwe esibumbene emphakathini ngezemidlalo, ezobuciko namasiko. Lokhu kuzosiza ukususa ingcindezi, izinkinga zomphakathi, ukukhulelwa kwentsha, ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane,” esho.
Uveze ukuthi imisakazo iklama indima enkulu ekusabalaliseni umyalezo omuhle, futhi ufinyelele kubantu abaningi ezindaweni ezahlukene.
INgcweti ophikweni lweHumanities e-UKZN uSolwazi Ismail Mohamed wophiko lweHumanities enyuvesi yase-UKZN, uthe inyuvesi iyohlale ivulekele ukusebenzisana nezinhlangano ezinomqondo ofanayo nomnyango ukuze kuzuzwe okuhle.
Ngakolunye uhlangothi, usihlalo weRadiocracy u-Adv Robbin Sewlal, uthi usakholelwa ukuthi umsakazo uyindawo ekwaziyo ukuhlala ngaphandle kokwesaba.
