Uncategorised

UTHISHANHLOKO UBONGE UMPHAKATHI NGOXHASO LWESIKOLE

UTHISHANHLOKO wesikole uNkk Topsy Ntelele kanye nethimba lakwaGreif SA.

U-ANGEL Zwakala ebonga kwizivakashi ebezibavakashele ngokubanika ulwazi abalutholile.

ABAFUNDI base-Entuthukweni Primary School befundiswa ngokulahlwa kukadoti. IZITHOMBE: PHUMELELE DLAMINI

NOMCEBO NGEMA

UBONGA amalunga omphakathi okuyiwona ahambe evakashela izinkampani engqongqoza ecela usizo olungalekelela izikole zase-Lamontville, uNkk Topsy Ntelele onguthishanhloko wesikole samabanga aphansi Entuthukweni Primary School, eLamontville.
Lesi isikole besivakashelwe inkampani iGreif SA neGewase bezofundisa izingane ngezindlela zokulahlwa kukadoti.

“Lolu xhaso nokufundiswa esikutholayo namuhla sikutholelwe amalunga omphakathi anesifiso sokulekelela isikole, ayaye ahambe engqongqoza ezinkampanini ecela usizo olungalekelela izikole. Sibe nenhlanhla ukuthi kuqokwe lesi sethu. Iningi labo lalifunda khona lapha phambilini. Siyakuthanda lokhu abakwenzile futhi siyabonga kakhulu ngokufundisa izingane zethu ngokubaluleka kwenhlanzeko. Izingane zifunde ngokuhlukaniswa kukadoti uma ulahlwa batshelwa ukuthi okuyingilazi kungena kuphi, ikani lingena kuphi, iphepha lingena kuphi. Njengoba bekhula bazokhula bazi ukuthi awulahli noma ikuphi futhi awuliphihlizi ibhodlela ngoba lezi zinto zisuke zangasetshenziswa ngenye indlela. Siyabonga kakhulu ngomnikelo abasiphe wona siswele imilomo eyizinkulungwane yokubonga, le migqomo izosisiza kakhulu,” kusho uNkk Ntelele.

U-Angel Zwakala oneminyaka eyi-13 owenza uGrade 7 kulesi isikole, uthi ujabule kakhulu ngoba kuningi akufundile abengakwazi ngokulahlwa kukadoti nokunakekelwa kwemvelo.
“Namuhla ngifunde kabanzi ngokungalahlwa udoti noma ikanjani, ukuwushisa ngoba lokho kungcolisa imvelo kanye nomoya. Nasekhaya ngizofika ngibafundise ngokubaluleka kokugcina imvelo ihlanzekile,” kuphetha u-Angel.