Uncategorised

KUSOLWA ISITOLO SOWOKUFIKA KUNGQONGQA UMUZI EMOOI RIVER

UMUZI oshe wangqongqa ngomlilo izolo. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

USALE dengwane umndeni waseBruntville Gwala Park, eMooi River, ngesikhathi kusha kungqongqa umuzi wabo izolo. Kulokhu kusha komuzi kusolwa ukuthi lo muzi ushe ngesikhathi kusha isitolo sowokufika esiseduze kwalomuzi.

UCllr Wiseman Wynne usiqinisekisile lesi sigameko wathi usezinhlelweni zokuthi ahambele lo mndeni, ukuze eyobona izinga lo monakalo. UCllr Wynne usigxekile lesi sigameko, wathi nakuba imiphakathi inokukhathazeka ngabantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho, kodwa kufanele lezi zinkinga zixazululwe ngokomthetho wathi udlame kanye nokucekelwa phansi kwempahla kuyicala.

Ube esecela izakhamuzi ukuthi zigweme ukuzama ukuxazulula izinkinga ngodlame, ngoba izenzo zodlame zivame ukushiya amalungu omphakathi angenacala ehlukumezekile. Amaphoyisa aphenya imbangela yomlilo kanti okwamanje akekho osaboshiwe.