Uncategorised

UNGCONGO UKHUTHAZE UKWELULEKWA KWAMADODA

IMEYA kaMasipala waseRichmond ibihambele uMgungundlovu District Men’s Indaba.

IZINKUMBI zamadoda ebezithamele lo mcimbi. IZITHOMBE: RICHMOND MUNICIPALITY KZN

AKHONA DLAMINI

IMEYA yakuMasipala wase-Richmond uCllr Melikhaya Ngcongo, inxusa amadoda ukuthi ayeke ukuthula uma ebhekene nezinkinga zempilo, ezengqondo nezingqinamba zempilo.UNgcongo ukusho lokhungesikhathi kunoMgungundlovu District Men’s Indaba 2026, ebihlelwe uMasipala wesiFunda uMgungundlovu eProject GatewayUthe awasukume ayofuna usizo amadoda, ukuze kugwenywe izigameko zokuzibulala nezinkinga ezibhekene nabesilisa. Lo mcimbi ubuthanyelwe izinkumbi zabesilisa ezivela ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe, ngenhloso yokungonyuluka ngezinkinga ezibhekene nabo nokuthola izixazululo.

UNgcongo uthi ukubungaza inyanga yamadoda kufanele kuhambisane nezingxoxo ezizosiza amadoda, ukuthi aphile impilo engcono futhi akwazi ukucela usizo uma kudingeka.“Njengoba siyingxenye yale ngqungquthela, ithimba lami limatasa lihlanganisa izinhlelo ezizofinyelela kuwo wonke amawadi aseRichmond. Ayikho iwadi engeke ibe nezinhlelo zokugubha inyanga yamadoda. Sizophinde sigxile nasezindaweni ezinezinga eliphezulu lodlame lobulili,” kusho uNgcongo.

Uqhube wathi kubalulekile ukuqonda ukuthi udlame lobulili luyawathinta amadoda, yingakho kudingeka ukuthi kube nezinhlelo ezikhuthaza izingxoxo zokulwa nomzwangedwa. “Sizoxoxa ngokuthi sisiqeda kanjani isimo lapho amadoda ehlaselwa umzwangedwa agcine esezibulala. Kufanele sifundise amadoda ukuthi akukho lutho olungalungile ngokucela usizo,”kuphetha uNgcongo.