LIHLEHLILE ICALA LIKA-XOLANI WESIZOK’THOLA

UXOLANI Khumalo ongumethuli wohlelo kumabonakude ophinde abe iKhansela leqembu lezepolitiki i-Action SA. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
LIHLEHLISELWE umhla zingama-23 kuNhlangulana kulonyaka icala elibhekene noXolani Khumalo ongumethuli wohlelo lukamabonakude iSiz’kothola ophinde abe iKhansela leqembu lezepolitiki i-Action SA.
UXolani ubevele namhlanje enkantolo kaMantshi ePalm Ridge, ephelezelwa izinkumbi zabalandeli bakhe, ebebehlali ngaphandle kwenkantolo bezomeseka.
UXolani uphansi phezulu enkantolo kulandela umkhankaso wamaphoyisa wangonyaka odlule eKatlehong, lapho uXolani wayekhona ngesikhathi kugaselwa emzini womuntu okusolwa ukuthi udayisa izidakamizwa.
Okwavela ukuthi amaphoyisa athola izinhlamvu ezingekho emthethweni abopha umsolwa kodwa wagcina ededeliwe engavelanga enkantolo.
Umsolwa wabe esevulela uXolani icala lokushaya futhi amaphoyisa aqhubeka nalo leli cala okwaze kwaholela ekutheni uXolani azinikele emaphoyiseni. Kuthiwa umsolwa uxhumene nethimba elidayisa izidakamizwa elibandakanya amalungu angamaphoyisa.
