Uncategorised

BAZOLITHEZA ELINENKUME ABAZOPHAZAMISA OWE-NEDBANK CUP

UMBIKO: ANELE ZUMA

AMAPHOYISA aqinisekisa abalandeli ngezokuphepha eziqinile kowamanqamu weSoweto Derby weNedbank Cup okuzokuba kubhekene omakade ebona bamaqembu ebhola iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, enkundleni yezemidlalo eMoses Mabhida eThekwini namuhla.
Lokhu kulandela ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bekhale kakhulu ngokungawatholi amathikithi alo mdlalo, kwaze kwasabalala izinsongo zokuthi, abathole lamathikithiki baze balibambe lingashoni.
Ukungatholakali kwamathikithi kubantu baseKZN, sekuholele ekutheni kuhoxe iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ukuhambela lo mdlalo.
Lo mdlalo ophakathi kwezinkunzi ezimidwayidwa ezimbili eziyizimbangi eziqanda ikhanda zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, ubhekwe ngabomvu futhi unesasasa kuwo wonke umuntu waseNingizimu Afrika.
USekela likaKhomishana wamaPhoyisa , uMajor General Phumelele Makoba ekhuluma esithangamini sabezindaba uthe bakulungele ukusingatha lo mdlalo futhi waqinisekisa ukuthi ezokuphepha zizobe ziqine kakhulu.
“ Siqaphe ngeso lokhozi isimo ukuvimbele noma yiziphi iziyaluyalu ezingaqubuka ezihlobene nezinkinga zamathikithi.
Inkundla yezeMidlalo iMoses Mabhida ehlalisa abantu abayi-51 000 izophila futhi izophepha, kulo mdlalo weziqhwaga ezimbili zaseNingizimu Afrika. Lo mdlalo wamanqamu weSoweto Derby Nedbank Cup, ubulindelwe ngabomvu abathandi bebhola,” esho.
Kuke kwaba khona ukukhathazeka mayelana nokwakhiwa okuqhubekayo kule nkundla nasezindaweni ezizungezile, lokho-ke okwehliswe ukuvezwa kwezitifiketi, ezichazayo ukuthi le nkundla ikulungele ukusingatha lo mdlalo.