Uncategorised

UZOZO UGQOBHE IZOZO ENQOBA KOWE-DUNDEE JULY

USIYABONGA Mabaso, owaziwa ngokuthi uZozo eshaya intambo kowamanqamu izolo kwi-Dundee July.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli, uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula, uNgqongqoshe uMnuz Musa Zondi nabanye beklomelisa uSiyabonga Mabaso. IZITHOMBE: SPHA MBHELE

NOMCEBO NGEMA

UKULINYAZWA ihhashi likazakwabo onyaweni uSiyabonga Mabaso, owaziwa ngoZozo, yikhona okumnike izibusiso zokunqoba umjaho wamanqamu izolo, eNdumeni Horseracing Track. UZozo waseMadlangeni, okunguye odle umhlanganiso nehhashi uMpendulo kumjaho wamahhashi oba minyaka yonke, iDundee July, ukhale wemuka nemali engango-R600 000 kumjaho wamahhashi wamanqamu (main race).

“Ngiyajabula kakhulu ukunqoba kulo mjaho wamanqamu, okungewona kuphela enguwunqobile kodwa ngiphinde nganqoba nakwamanye ayi-6 ebengiwangenele. Ngibe unombolo-1 kwimijaho emithathu, komunye ngilale isibili kwase kwathi kwe-4 ngalala isihlanu. Ngaphambi kokuthi kuqale umjaho wamanqamu kuke kwathi ukuba nzima, sithe sesiqala ihhashi likazakwethu langikhahlela onyaweni, kodwa kwamele isosha lifele emsebenzini walo ngaqhubeka, ngathola izibusiso zokunqoba nakuba besengilimele, ” kusho uZozo.

Uthe impilo yebo emahhashini iya ngokushintsha kancane kancane, ukhombisa ukukhanya. ” Ngicela abangakwazi ukufaka isandla ukuthi basondele balekelele, ukuze lo msebenzi sikwazi ukuziphilisa ngawo. Amathuba emisebenzi awekho kahle, sifisa ukuthi lo msebenzi ukhule. Ukuba ngumgibeli wamahhashi yikona esiziphilisa ngayo,” kusho uZozo.Ubonge uhulumeni waKwaZulu-Natal, noMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula, ngokukhulisa lo mjaho wokutelebhela kwamahhashi. “Siyathembisa ukuthi nathi siyohlale simhlonipha futhi sikwenze okufanele sikwenze kuyena,” kuphetha uSiyabonga.