Uncategorised

UXABA UVAKASHELE INHLANGANO ESIZA UMPHAKATHI ESYDENHAM

IMEYA uCllr Cyril Xaba nabasunguli beHuman Aid Organisation.

IMEYA uCllr uXaba inika ilunga lomphakathi okuya ethunjini. IZITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

KUBE injabulo ngesikhathi iMeya yeTheku uCllr Cyril Xaba, ivakashela inhlangano iHuman Aid Organisation, eSydenham eThekwini namuhla. Le nhlangano isiza abantu abahlwempu nabaqhamuka emiphakathini edonsa kanzima.

Isiza imiphakathi ngezinto eziningi okubalwa ukudla nsuku zonke, usizo lwezempilo iphinde ihlinzeke ngophahla lokufihla ikhanda kulabo abangenawo amakhaya. IMeya uXaba ishayele ihlombe le nhlangano ngokwenza umsebenzi omuhle, nobalulekile wokuthuthukisa izimpilo zabantu abadinga usizo. “Le nhlangano isisebenze iminyaka eyi-6 futhi isiza abantu abayi-200 kuya ku-800 ngokudla nsuku zonke. Njengamanje le nhlangano isebenzisana noMasipala weTheku ukuqala ikhishi lokudla (soup kitchen) kuWard 31,” kuphetha iMeya uXaba.