Uncategorised

UKHAWULA WETHULE ISABELO MALI

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ethula isabelo mali sonyaka ka-2026/2027 eSishayamthetho.

AMALUNGA eSishayamthetho KwaZulu-Natal ethamele ukuklanywa kwesabelo mali soMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko. IZITHOMBE: SPHA MBHELE

NOMCEBO NGEMA

KWETHULWE ngokusemthethweni isabelo mali esingu-R1.657 billion sonyaka wezimali ka-2026/27,ngenhloso yokukhuthaza ukuthuthukiswa kwamakhono entsha, ukweseka ubuciko namasiko, ukwakha ingqalasizinda nokuvikela amafa-gugu esifundazwe. UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Khawula, wethule isabelo mali salo mnyango eSishayamthetho, eMgungundlovu, ngoMsombuluko.

UKhawula uthe nakuba lo mnyango ubhekene nezinselelo zesabelo mali, kodwa uzimisele ukuqhubeka nokuletha izinhlelo ezizothuthukisa izimpilo zabantu, ikakhulukazi intsha ngokusebenzisa ezemidlalo, ubuciko namasiko. “Yize sibhekene nengwadla yesabelo mali, sizimisele ukuqhubeka nokutshala imali kwezemidlalo, ezobuciko namaSiko. Yizona ezivula amathuba entsheni, zakhe umnotho futhi ziqinise ubumbano emiphakathini. Inhloso yethu ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu waKwaZulu-Natal uthola ithuba lokuthuthukisa ikhono, afinyelele empumelelweni, kungakhathalekile ukuthi uhlala kuphi noma uqhamuka kuphi,” kusho uKhawula.

Uqhube wathi lo mnyango uzobeka eqhulwini uhlelo lokuhlonza, ukuthuthukisa nokukhulisa amakhono ezemidlalo nezobuciko ukuze intsha ithole amathuba okufinyelela ezingeni eliphezulu. Ngakwezobuciko, umnyango kulindeleke ukuthi usungule amaqoqo eCreative and Cultural Industries (CCI), kuzona zonke izifunda eziyi-11 kubalwa nedolobha iTheku. Ngenyanga kaMfumfu kuzokwethulwa okokuqala amaProvincial Creative and Cultural Industries Awards, okuhlonishwa ngawo abantu nezinhlangano ezivelele kwezobuciko. Umnyango uphinde waqinisekisa ukuthi uzoqhubeka nokweseka ulimi lwesiZulu ngokwandisa izinhlelo zokuhumusha, ukuthuthukisa amatemu esiZulu nokweseka ababhali besifundazwe ngaphansi kohlelo lwe-One Township, One Village, One Book.

Uthe kwezemidlalo, bazoqhubeka nokweseka izinhlelo zezikole, iProject 350 nezinhlelo zokuthuthukisa abasubathi abasezingeni eliphezulu. Ube esememezela ukuthi umnyango uzokwengeza, ukweseka ibhola labesifazane ukuze kukhiqizwe abadlali abaningi abazomela izwe emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe.”Kuzothuthukiswa ingqalasizinda, sibeke eceleni imali ebalelwa ku-R154.539 million, ezokwakha nokulungisa imitapo yolwazi, izinkundla zemidlalo nezikhungo zobuciko ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini.

Amaprojekthi azophothulwa kukhona iKwaCeza Sports Field, Ofabeni Library, iKwaMdakane Library neWinston Churchill Art Centre,” kubeka uKhawula. Isabelo mali sihlukaniswe kanje:

• Uhlelo 1: R394.232 million

• Uhlelo 2: R366.564 million

• Uhlelo 3: R522.394 million

• Uhlelo 4: R374.595 million

Sesisonke isabelo mali somnyango singu-R1.657 billion.