Uncategorised

AYIKAZIWA IMBANGELA YOMLILO OSHISE IMBONI YEFENISHA E-CHATSWORTH

UMLILO omkhulu ucekele phansi impahla embonini yefenisha eChatsworth, kodwa abezicishamlilo bakwazile ukuwunqanda.ISITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY

LINDELWA MAGWAZA

UKUSEBENZA ngokushesha kwabezicishamlilo boMkhandlu weTheku, kusize ukunqanda umlilo omkhulu obusha embonini ekhiqiza ifenisha eChatsworth, kwavimbeka ukuthi lo mlilo usabalalele kwezinye izakhiwo eziseduze. Abezicishamlilo bathole umbiko wokusha kwalo mlilo, e-675 Sunset Avenue, Chatsworth.

Ngesikhathi befika endaweni yesigameko bathole izakhiwo ebezigcina impahla ngaphakathi emagcekeni emboni zivutha ubuhanguhangu, umlilo usudlulele ophahleni futhi ususabalala ubheke endaweni yokugcina impahla eseduze. Ngokusho kwabazibonele ngesikhathi kusha lesi sakhiwo, bathi akekho umuntu obekhona ngesikhathi kuqubuka umlilo. Le nkampani ikhiqiza ifenisha okubalwa kuyo izihlalo namakhabethe.Imibiko yokuqala iveza ukuthi umlilo kungenzeka uqale ezakhiweni ebezigcina impahla nezinto ezisetshenziselwa ukukhiqiza ifenisha.

“Ukusebenza ngokushesha kwethimba lezicishamlilo kusize ekulawuleni umlilo nokuvimbela ukuthi udlulele kwezinye izakhiwo,” kusho uMasipala waseThekwini.Akukho muntu olimele noma oshonile kulesi sigameko, kodwa umlilo udale umonakalo omkhulu esakhiweni nasezitokweni zenkampani. UMasipala weTheku unxuse abanikazi bamabhizinisi ukuthi baqinisekise ukuthi izindlela zokuphepha emlilweni ziyalandelwa, ukuze kuvikelwe impilo yabantu, impahla namabhizinisi.