KUKHUTHAZWA INTSHA UKUBA IBHALISELE UKUVOTA

KUKHUTHAZWE intsha ukuthi ibhalisele ukuvota. ISITHOMBE: KZNCOGTA
LINDELWA MAGWAZA
INTSHA yaKwaZulu-Natal ikhuthazwe ukuthi ibambe iqhaza ekwakheni ikusasa lezwe ngokubhalisela ukuvota, uma isifike eminyakeni efanele, iphinde igxile ezifundweni zayo, njengoba kusondela isikhathi sezivivinyo zokuphela konyaka. Lo umyalezo udluliselwe kaNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNduna KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi kunohlelo lwesihlanu lokuthuthukiswa kwentsha enkundleni yezemidlalo iCurries Fountain, eThekwini ngoLwesihlanu.
Lo mcimbi ubuhlanganise abafundi, othisha nabanye ababambiqhaza, ngenhloso yokubahlomisa ngolwazi lwamathuba emfundo, ukuthuthukiswa kwamakhono kanye nemisebenzi. UNgqongqoshe uButhelezi unxuse abafundi bakamatikuletsheni ukuthi basebenzise kahle isikhathi esibasalele ngaphambi kokubhala izivivinyo zabo zokugcina. Uthe ukuzimisela kwabo ezifundweni kuzobavulela amathuba amaningi esikhathini esizayo.
Uphinde wakhuthaza bonke abantu abasha asebekulungele ukuvota ukuthi baqinisekise ukuthi bakubhalisele ukuvota ngesikhathi esibekiwe. Uveze ukuthi ukubhalisa kunikeza intsha ithuba lokuba nezwi ekukhetheni abaholi nasekwakheni ikusasa lentando yeningi eNingizimu Afrika.
