Uncategorised

KUQINISWA OWOKULWA NABOKUFIKA KULELI NGOKUNGEMTHETHO

UHULUMENI uqinisa umkhankaso wokulwa nabakuleli ngokungemthetho. ISITHOMBE: GCIS

LINDELWA MAGWAZA

UHULUMENI wakuleli uqinisa imithetho nezinyathelo ezizothathelwa abafudukela kuleli ngokungekho emthethweni, alwele nokuhlakaza amaqembu obugebengu axhaphaza uhlelo lokungena nokuhlala eNingizimu Afrika.

UNgqongqoshe uMmamoloko Kubayi, ongusihlalo we-Inter-Ministerial Committee on Migration, uthe uhlelo lukahulumeni olunamaphuzu amahlanu luhlose ukuqinisa ukuphathwa kokufudukela kwabokufika kuleli ngokungekho emthethwen, ukuvikela imingcele yezwe nokugcina ukuthotshelwa komthetho. Uthe lo msebenzi udinga ukubambisana phakathi kwezinhlaka zikahulumeni, abezomthetho, iziphathimandla zemingcele, omasipala nababambiqhaza.

“Siqinise imikhankaso ehlangene ebhekiswe emaqenjini abandakanyeka ekungeniseni abantu ngokungemthetho, ukuhweba ngabantu, ukusetshenziswa kwemibhalo yomgunyathi, ukuxhashazwa kwabasebenzi, izimayini ezingekho emthethweni namabhizinisi aqasha abakuleli ngokungekho emthethweni. Kuze kube manje sekuboshwe abantu abangu-354, kanti abanye abangu-69 baboshwa eJeffreys Bay ngempelasonto edlule,” kusho uKubayi.

UKubayi uphinde waxwayisa abantu abazenza izikhulu zoMnyango Wezasekhaya, ukuze bahlole omazisi babantu bakwamanye amazwe ngokungemthetho, ethi lokho sekuphenduke indlela yokuqola imali. Uthe lolu daba seludluliselwe emaphoyiseni ukuze kuphenywe, wagcizelela ukuthi ukuphathwa kokufuduka kwabantu kuwumsebenzi weziphathimandla ezigunyaziwe kuphela, futhi noma ubani owephula umthetho uzobhekana nengalo yomthetho.