KUTHUNJWE ABASEBENZI BEZIMO EZIPHUTHUMAYO ESHOWE

AMAPHOYISA aseShowe athungatha izigilamkhuba ezibambe inkunzi, zaphinde zathumba abosizo oluphuthumayo. ISITHOMBE: KZNDOH
NOMCEBO NGEMA
UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uNksz Nomagugu Simelane, ugxeka isigameko sokubanjwa inkunzi nokuthunjwa kwabasebenzi bezimo eziphuthumayo esitolo eNkwalini, eShowe.
Lesi sigameko senzeke ngempelasonto ngesikhathi abezimo eziphuthumayo, beya endaweni lapho bebizwe khona kunesimo esiphuthumayo.Ngesikhathi befika endaweni ebebebizwe kuyo abasebenzi bakhonjwe ngezibhamu, baphangwa izimpahla zabo, baphoqwa ukuthi bashayele baye ezindaweni ezimbili ezidayisa utshwala, ukuze bathenge utshwala ngamakhadi abo asebhange base beyathunjwa cishe amahora amane, ngaphambi kokuthi badedelwe.UMnyango uthe akekho olimele kubasebenzi kulesi sigameko, kodwa abasebenzi bahlukumezeke kakhulu emqondweni ngenxa yalesi sigameko.
“Sikhathazekile kakhulu ngalesi sigameko esenzeke kubasebenzi bethu ngempelasonto. Abasebenzi bethu bezimo eziphuthumayo bama ambulense (EMS) baphendule ucingo obelucela usizo oluphuthumayo, kodwa bahlaselwa izigebengu. Lokhu akwamukelekile,” kusho uMnyango wezeMpilo kwisitatimende. UMnyango ucela nanoma ngabe ubani onolwazi ukuthi aluveze, asize amaphoyisa ukuthi abambe izigilamkhuba ezenze lesi sihluku.
