Uncategorised

UMASIPALA WETHEKU WENZA KAHLE KWEZEZIMALI

IMEYA yakuMasipala weTheku uCllr Cyril Xaba, yethula inkulumo yakhe kwisithangami sabezindaba izolo. ISITHOMBE : SINDISWA NXUMALO

AKHONA DLAMINI

IMEYA kaMasipala weTheku uCllr Cyril Xaba, ithe umasipala uyaqhubeka nokwenza kahle kwezezimali nokwenza kangcono ukulethwa kwezidingo zomphakathi, kulandela izinguquko ezenziwe ekuphathweni kwezezimali nasekusebenzeni kukamasipala.

UXaba usho lokhu ngesikhathi ethula umbiko kwisithangami sabezindaba eDurban City Hall izolo, ehambisana neMenenja kaMasipala uMnuz Musa Mbhele neSikhulu esiPhezulu sezeZimali uDkt Sandile Mnguni.Uthe uMasipala uqoqe imali elinganiselwa kumaphesenti angama-94, emalini ebilindelekile ngonyaka wezimali ka-2025/26, usebenzise ngaphezu kwamaphesenti angama-90 esabelweni esibekelwe amaphrojekthi engqalasizinda nentuthuko.

Uphinde waveza ukuthi uMcwaningimabhuku Jikelele uthe konke kuhamba kahle ezincwadini zokusetsenziswa kwezezimali awukho ugcobho(unqualified audit opinion). Mayelana nokuphazamiseka kokuphakelwa kwamanzi ezindaweni ezithile zaseThekwini, uthe umsebenzi wokulungisa iDurban Heights Water Treatment Works usuqediwe yinkampani Umngeni-uThukela Water, indawo yokuhlanza amanzi isisebenza ngokugcwele namadamu agcina amanzi aseqalile ukugcwala. Ngakho ke ukusatshalaliswa kwamanzi sekuzobuyela esimeni esijwayelekile kungensuku zatshwala.

“Maningi amaphrojekthi asezophothulwa lapho ngibala i-phrokjethi yokulungiswa kwepayipi lamanzi laphaya kwaNgqetho, nepayipi lamanzi elikhulu elisidle imali ebalelwa kwizigidi ezingu-R1,2 million zamarandi. Leli payipi lizophakela amanzi ezindaweni ezifana noQueensburgh, eShallcross nezinye eziningi. Ngithanda ukunxusa izakhamuzi ukuthi ziqhubeke nokonga amanzi ngesikhathi silinde amadamu ukuthi agcwale. Ukucekelwa phansi kwengqalasizinda ezindaweni ezifana naseWestville, eNtuzuma nasePhoenix, kubuyisela emuva uMasipala futhi kwandise izindleko. Ngiyethemba abantu bayazi ukuthi kuyicala elibomvu ukulimaza impahla kahulumeni,” kubeka uXaba.

Uphinde waveza ukuthi uMasipala weTheku usukulungele ukwamukela iNgqungquthela Yabaholi Bamazwe Angaphansi kweSouthern African Development Community (SADC) neSADC Industrialisation Week, eqale namuhla. Uthe lo mcimbi uletha abaholi, izithunywa kanye nabezindaba abavela kwamanye amazwe, eThekwini.