Uncategorised

USITHOLE-MOLOI UVALE ISIKHALA SIKA-DKT MAHLABA KWISISHAYAMTHETHO E-KZN

UNKK Bongi Sithole -Moloi oqokwe njengoSihlalo wamaKomidi eSiyashamthetho saKwaZulu-Natal.

UDKT Ntuthuko Mahlaba ongasekho emhlabeni okunguyena obekade eqhoqhobele lesi sikhundla. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UQOKWE njengoSihlalo wamaKomidi eSiyashamthetho saKwaZulu-Natal, uBongi Sithole-Moloi, owayenguNgqongqoshe woMnyango weZokubusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongi Sithole-Moloi. UNkk Bongi oyilungu lesiShayamthetho KwaZulu-Natal, uzovala isikhala sikaDkt Ntuthuko Mahlaba ongasekho emhlabeni. Lo msebenzi wokuba uSihlalo uhlanganisa ukuhola nokwengamela ukusebenza kwamakomidi ahlukene esiShayamthetho.

USomlomo wesiShayamthetho uNksz Nontembeko Boyce, uncome lokhu kuqokwa, wathi uSithole-Moloi ungomunye wabaholi abanamagalelo amahle nekhono elidingekayo ukuze akwazi ukuphatha lesi sikhundla. “Sithole-Moloi useke wasebenza njengongqongqoshe eminyangweni ehlukahlukene kuhulumeni wesifundazwe, okuyinto emnike ulwazi olunzulu ngezinhlelo zikahulumeni nokusebenza kwezikhungo zomphakathi,” kusho uSomlomo uBoyce. Uthe kulindeleke ukuthi uSithole-Moloi asebenzise amagalelo akhe ukuqinisa umsebenzi wamakomidi, aphinde athuthukise indlela isiShayamthetho esengamela ngayo ukusebenza kukahulumeni KwaZulu-Natal.