Uncategorised

INHLASI YETHEMBA KWETHULWA INGQALASIZINDA YAMANZI ESHOWE

UMUNICIPALITY Manager waseKing Cetshwayo uMnuz Philani Sibiya, iMeya uCllr Sikhumbuzo Dlamini noNksz Khwelezile Ngema ejabulela ingqalasizinda yamanzi. ISITHOMBE: KING CETSHWAYO DISTRICT

NOMCEBO NGEMA

UBONGA uMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, uNksz Khwelezile Ngema ngokubakhumbula ubafakele ingqalasizinda yamanzi, ngemuva kweminyaka eminingi bebanga amanzi nezinkomo emfuleni. UNksz Ngema ukusho lokhu ngoLwesine, ngesikhathi lo Mkhandlu wethula ngokusemthethweni ingqalasizinda yamanzi KwaZece, naseGcotsheni eMombeni, eShowe.

UNksz Ngema uthe amanzi bebewathola kanzima emfuleni iS’gubudu. “Amanzi besiwathola kanzima ngoba besigudla iqele siyokha emfuleni esawumba nebesiwubanga nezinkomo. Uma ungavukanga ekuseni kakhulu wayokha amanzi kusona leso sisele, bekufanele uvele ukhohlwe ngoba ngeke usawathola amanzi emfuleni. Siyabonga kakhulu kwisiFunda iKing Cetshwayo, sibonga amandla kaCllr Bhekezakhe Makhathini, sibonga bonke abenze lokhu lu kube impumelelo,” kusho uNksz Ngema.