Uncategorised

BABHEKENE NENGWADLA YOKUGCWALA NGOKWEQILE KWABAFUNDI

UMNUZ Senzo Khoza echaza ngosizi abafundi ababhekene nalo kumagumbi okufunda esikhashana.

USONKONTILEKA uMnuz Mbongiseni Duma, ukhala ngokungakhokhi komnyango athe yikona okubambezele ukuqedwa kwesikole. IZITHOMBE: UMUSA MEDIA

NOMCEBO NGEMA

UKHALE ngengwadla yokugcwala ngokweqile kwabafundi emagunjini esikhashana, usekela thishanhloko wasesikoleniiSibonginhlanhla Primary School, eWaterloo, kulandela ukungaqedwa kokwakhiwa kwalesi sikole. UMnuz Senzo Khoza oyiSekela likaThishanhloko ukusho lokhu izolo, ngesikhathi bevakashelwe uNgqongqoshe woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal uMnuz Martin Meyer, ngenhloso yokuzizwela ngokwakhe ukuthi yini ebambile ukuthi kuqedwe ukwakhiwa kwalesikole.

Lesi sikole saqala ukwakhiwa ngoMandulo ngonyaka ka-2023, bekulindeleke ukuthi siqedwe kulenyanga mhla zingama-21, kodwa lokho angeke kwenzeka ngenxa yokuthi asiqediwe ukwakhiwa. Ngesikhathi siqala sakhiwa abafundi bathuthelwa kumagumbi okufunda esikhashana. UMnuz Khoza uthe njengoba abafundi begcwele ngokweqile kumagumbi okufunda, lokho kwenza nothisha bangakwazi ukufundisa kahle.

“Njengoba izingane zigcwele ngokweqile azikwazi ukubamba kahle izifundo, othisha abakwazi ukufundisa kahle, isimo sezokuphepha kulamagumbi esikhashana asisihle, izindawo zokugcina ukudla kwezingane azizinhle futhi kuningi okungahambi kahle. Sicela ukuthi ukwakhiwa kwesikole kusheshe ukuze izingane zizobuyela endaweni efanele nephephile. Imfundo ukhiye wayo yonke into ngakho kuyongijabulisa ngelinye ilanga ukubona isikole sethu siqediwe nabafundi besendaweni ezokhulula imiqondo yabo,” kuphetha uMnuz Khoza.

UMnuz Mbongiseni Duma weKhulakwande Construction CC, okuyiyona eyanikwa umsebenzi wokwakha isikole, yakhokhelwa imali engango-R73 million, uthe ngesikhathi beqala ukwakha baqala kahle kakhulu kodwa kwagcina kungasahambi kahle.“Ngonyaka umnyango ubusikhokhela kathathu, sibuye silekelelwe imali yomsebenzi ebesiwenza kwenye indawo. Lokhu besikwenza ngethemba lokuthi ukukhokhelwa kwethu kuzolungiswa ngokuhamba kwesikhathi. Akukaze kwenzeke, yingakho umsebenzi usalele emuva, ” kusho uMnuz Duma. Ukwakhiwa kwalesikole kulindeleke ukuthi kuphothulwe ngoNhlangulana ngonyaka ozayo. UNgqongqoshe uMnuz Meyer namuhla uzoba nomhlangano nosonkontileka.