UHLABISA UJABULE NGESIBALO SENTSHA EBHALISELE UKUVOTA

UMENGAMELI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ezwakalisa ukujabula kwakhe ngesibalo esiphezulu sabantu abasha ababhalisele ukuvota. ISITHOMBE: KZNIFP
NOMCEBO NGEMA
UMENGAMELI we-Inkatha Freedom Party (IFP), uMnuz Velenkosini Hlabisa, ubonga abantu abasha bakulesi sifundazwe abebephume ngobuningi beyobhalisela ukuvota ngempelasonto. UHlabisa uthe siyamjabulisa isibalo esiphezulu sabantu abasha, futhi besifazane ababhalisele ukuvota ngenhloso yokubamba iqhaza kwezombusazwe.
“Kuyangikuthaza ukubona intsha ikhombisa intshisekelo ekuphathweni kwezwe. Ngicela abantu baqinisekise ukuthi amagama abo asohlwini lwabavoti ngokuthi bavakashele amahhovisi akwa-IEC noma ngokusebenzisa izindlela zobuchwepheshe zesimanje manje,” kusho uHlabisa. UHlabisa uvakashele iQoqisizwe Creche oThongathi, eMbelebele High School eMlazi naseSea Cow Lake Secondary School eDurban North ngempelasonto obenguyekugcina yokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba mhlaka-4 kuLwezi kulonyaka.
