Uncategorised

OWEGQOMU NENHLOSO YOKUSIZA ABEZIKHUKHULA

INTANDOKAZI ka-DJ weGqom uDlala Thukzin, isithembise ukufingqa imikhono ifake isandla emndenini yabakhahlamezwe izikhukhula ngakubo eLamontville.
Izimvula ezinamandla sezidale kwaphuma izidumbu nosekuphoqe ukuthi imindeni isuswe ngokushesha lapho beyihlala khona.

UDlala Thukzin, ogama lakhe langempela nguThuthuka Zindlovu, ubhale ezinkundleni zokuxhumana, ekhalisana nabakhahlamezekile. “Izinhliziyo zethu zibuhlungu ngokwenzeke kubantu baseLamontville nakwenzinye izindawo eziyingxenye yase-KZN. Sibafisela ukuthi uMdali abanike amandla okubhekana nalesi simo esingesihle. Sinxusa izinhlaka ezahlukene ezifana nosomabhizinisi noMsamariya olungileyo ukuthi nabo balekelele ngalokho abangakwazi ukusiza ngakho.”

Ngokwemibiko eqinisekisiwe sekushone abantu abangu 9 kanti ezinye izidumbu zitholakale ezindaweni ezigudle Ugu.
Kuvela ukuthi abantu abakhahlamezekile ilabo abahlaselwa izikhukhula zango 2022 kanti indawo ababekwa kuyo, yayingekho esimweni esiqondile.