Uncategorised

UNTULI UKHALA NGESIHLUKU SABESILISA ABANCISHA ABESIFAZANE IMALI

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli ukhale ngabesilisa abancisha abesifazane imali.

IZINKUMBI zabantu ebebeyingxenye yalo mcimbi obugujwa. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

UKHALE ngesihluku esenziwa amadoda sokuncisha abantu besifazane imali, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe izolo emcimbini wokugubha usuku lwabantu besifazane, eJeffrey Zungu Sports Ground eXobho.

UNdunankulu uNtuli uthe ziningi izindlela okanye izigaba zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane behlukunyezwa abesilisa. “Indlela okhuluma ngayo nomuntu wesifazane nokumthethise isinoma ikanjani, aze aphenduke ingane, lokhu kungumhlukumeza. Ukumbeka isandla kuyichilo elibi,” kusho uNdunankulu uNtuli. Uthe ukuncisha owesifazane imali ekubeni usebenza uyindoda nokungondli ekhaya nakho akukuhle.

“Ngisho kungathiwa owesifazane uyasebenza kodwa kufanele ayithole imali ephuma kubaba wekhaya. Sonke siyazi ukuthi esikhathini samanje abantu abaningi besifazane bayasebenza, abanye basezikhundleni eziphezulu futhi abanye basemabhizinisini bayakwazi ukuzenzela izinto kodwa ngikhuthaza ukondliwa kwamakhaya. Ngigcizelela ukunakelelwa komama emakhaya ngoba akubukeki ukuthi ubaba abe nemoto enhle kodwa umama akamakheleli ngisho indlu, umama ulala engadlile kodwa emotweni kababa awupheli uphethiloli. Ngalomkhankaso engawusungula iSilwa Nechilo ngithi amadoda angempela awaphumele obala ukuze izinswelaboya nazo zihlale obala,” kusho uNdunankulu uNtuli.

Uqhube wathi ibona njengamadoda okufanele baqinisekise ukuthi isithunzi somuntu wesifazane siyabuyiswa futhi siyalondolozwa. Uthe kufanele ngaso sonke isikhathi baqinisekise ukuthi amathuba okuhola ezindaweni abahlala kuzona, abasebenza kuzona njalo njalo avulekile nakubantu besifazane.