Uncategorised

USEJOYINE AMATUKS OBENGUMDLALI WE-ARROWS

UTHOLE ithuba lokuzigcina ekulungele ukudlala uGladwin Shitolo, ojoyine AmaTuks ngenkontileka yonyaka.ISITHOMBE: Vodacom Soccer

MALIBONGWE MAZIBUKO

UGLADWIN Shitolo, obengumdlali wasemuva weLamontville Arrows, usejoyine i-University of Pretoria (AmaTuks), edlala kwiMotsepe Foundation Championship, kanti usayine inkontileka yonyaka. Lesi sinqumo sizomsiza ukuthi aqhubeke nokuzigcina esesimweni esihle sokudlala, ngemuva kokushiya iqembu laKwaZulu-Natal.

Ngesizini edlule yeBetway Premiership, uShitolo udlale imidlalo eyisikhombisa kuphela kwiGolden Arrows. Lokhu kuholele ekutheni afune elinye ithuba ukuze aqhubeke nokudlala njalo, agcine izinga lakhe lebhola liphezulu.UShitolo uletha ulwazi olunzulu kuMaTuks, njengoba esedlale iminyaka eminingi kwiBetway Premiership. Uqale ukudlala esigabeni esikhokhelayo ngo-2009 kwi-Jomo Cosmos, lapho adlala khona imidlalo engu-71 eminyakeni emihlanu. Lokhu kwamenza wazakhela igama njengomdlali onekhono enkabeni yenkundla nasemuva.

Ngonyaka ka-2014 wajoyina i-Orlando Pirates, wadlala imidlalo eyi-32 kuphela, wabolekiswa emaqenjini okubalwa kuwona iPlatinum Stars ne-Chippa United ngaphambi kokuzinza ngokuphelele kwiGolden Arrows ngonyaka ka-2022.Ukujoyina kwakhe i-AmaTuks kungaba yithuba elikhulu lokuthi aqhubeke nokudlala, adlulisele ulwazi lwakhe kubadlali abasebancane.