Uncategorised

U-DE LILLE UQHAKAMBISE UKUSETSHENZISWA KOBUCHWEPHESHE NO-TIKTOK

UPATRICIA De Lille egqoke imvunulo yama-Tsonga kwisithangami sabezindaba.

IZIKHULU ebezihambele lo mkhankaso wezokuvakasha. IZITHOMBE: SINDISWA NXUMALO

AKHONA DLAMINI

UNGQONGQOSHE wezokuVakasha kuZwelonke Nkk Patricia De Lille, wethule ngokusemthethweni ukugujwa kwenyanga yezokuVakasha ka-2026, kwisithangami sabezindaba, ebesisechwebeni leTheku endaweni entsha yokudla e-9th Avenue Marina.

Ngokusho kukaDe Lille uthe uzohamba zonke izifundazwe, ukugqugquzela ukuthi abantu baphume ezweni labo bavakashele nakwamanye amazwe angaphandle, baseke imboni yezokuvakasha.UDe Lille uthe isiqubulo salonyaka sithi, Growing South Africa’s Tourism Sector in the Digital Era. Nokukhuthaza ukuthi kusetshenziswe ubuxhakaxhaka besi manje, nezinkundla zokuxhumana, ikakhulukazi uTiktok.

“Iqiniso elingephikwe ukuthi ezobuchwepheshe kanye noTiktok kungenisile kulesi sikhathi samanje. Sithe uma sibheka iqhaza ezilibambile ekuqhakambiseni ezokuVakasha, ngabona ukuthi siyobe sinephutha uma singasebenzisani nazo. Abantu abaningi bakwamanye amazwe bathi ubuhle bezwe lethu bakubona koTiktok, bese balangazelela ukuza lapha. Ngalokho kuvuleka izinto eziningi, amathuba emisebenzi, umnotho wenyuke kuphinde kuhlomule osomabhizinisi abancane,” kusho uDe Lille.

Uqhube wathi usuku lokubungaza ezokuvakasha oluba njalo mhla zingama 27 kuMandulo , bazolubungazela esiFundazweni saseLimpopo. Lapho bazoya kobona ubuhle besifundazwe, bafunde kabanzi ngokudla namasiko akhona.