Uncategorised

ITHEKU LINCONYWA NGOKWANDA KWAMATHUBA EMISEBENZI

IMEYA yakuMasipala weTheku uCllr Cyril Xaba.

IZIBALO eziqoshiwe zamathuba emisebenzi. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

UHULUMENI wakuleli uchome uphaphe lwegwalagwala uMasipala weTheku neMeya uCllr Cyril Xaba, ngemuva kokuthi idolobha iTheku kube yilo elinezibalo eziphansi kakhulu zabantu abangasebenzi, uma kuqhathaniswa nayo yonke imikhandlu emikhulu (Metropolitan Municipalities), ngekota yesibili yonyaka ka-2026.

Ngokwezibalo ze-Statistics South Africa (Stats SA), isifundazwe iKwaZulu-Natal, kube yisona kuphela esibe nezibalo ezigculisayo zokwanda kwamathuba emisebenzi ngekota yokuqala yaku lonyaka.IPhini likaSomlomo kaHulumeni, uWilliam Baloyi, lithe lezi zibalo zikhombisa impumelelo yemizamo yokulwa nokuntuleka kwemisebenzi nokunyuka komnotho.

“Sithanda ukubongela uMasipala weTheku kanye neMeya uCllr uXaba ngendima abayiklamile ekudaleni amathuba emisebenzi, impela siyaziqhenya. UMasipala weTheku siwubonile ungenelela nakule nkinga yamanzi ethe chithi saka. Ngifisa engathi nabanye oMasipala bangabukela kulo masipala owenza kahle kangaka,” kusho uBaloyi.Uqhube wathi bazoqhubeka nokusebenzisana neTheku, ukuze le ntuthuko iguquke ibe ngamathuba emisebenzi azinzile kubantu.