
U-JUB JUB OBISHINI LOKUNGAHLONIPHI INKANTOLO
OWAMI THABETHE
KUKHISHWE incwadi egunyaza ukuthi kuboshwe umethuli wezinhlelo kuthelevishini, uMolemo ‘Jub Jub’ Maarohanye, ngemuva kokuhluleka ukuvela eNkantolo yeMantshi yaseGermiston e-East Rand, eGoli, ngoMsombuluko ekuseni ngamacala okuthumba nokusabisa.
Kulindeleke ukuthi lencwadi ihlale igunyaziwe, ukuthi isebenze noma yinini njengoba ezophinde abuyele eNkantolo futhi ngomhlaka 7 kuMandulo 2026, kanti uma ehluleka uzokhalelwa amasongo kasiGonyela.
Kuzokhumbuleka ukuthi uJub Jub ngaphandle ngebheyili kaR5000 ayithole ngenyanga kaNhlangulana, kulandela ukufaka isicelo esiphuthumayo.
Waboshwa esolwa ngezinsolo zokuhilizisana nomshayeli we-e-hailing.
Usolwa ngokukhomba ngesibhamu maqede wasiqhumisa emoyeni endaweni yomphakathi.
UJub Jub uyaziphika lezi zinsolo, uveze ukuthi kunomkhankaso wokucekela phansi isithunzi sakhe.
