Ezobumnandi

KUHLONISHWE UDKT REBECCA MALOPE KOWAMA-NACA

UDKT Rebecca Malope emcimbini weNational Arts and Culture Awards, eSun City ngoLwesihlanu.
ISITHOMBE: FACEBOOK

OWAMI THABETHE

KUHLONISHWE
isihlabani somculo wokholo, uDkt Rebecca Malope (58), uMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kazwelonke, ngendondo yeLifetime Achievement Award, emcimbini weNational Arts and Culture Awards obubanjelwe ‎eSun City ngoLwesihlanu

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kuzwelonke, uMnuz Gayton McKenzie, uchaze uRebbeca njengomunye wabaculi bokholo abasemkantshubovu, oklame indima enkulu ekuthuthukiseni lo mculo ezweni lonke nokufukula abaculi abasebancane.

“Sekuyiminyaka eminingi uRebecca Malope esemculweni, eqinisa ukholo nokubuyisa ithemba kubantu baseNingizimu Afrika nasemazweni angaphandle”, kuchaza uMcKenzie.

URebecca uyijabulele kakhulu indondo yakhe yokuhlonishwa, wathi ubonga ukuthi amagaleli akhe asabonakala. “Siyabonga kuMnyango wezeMidlalo, ngokungiklomelisa nokuqhakambisa amaciko ngeqhaza alibambayo ezweni, “kusho uDkt Malope.

Uthe uNgqongqoshe Gayton McKenzie sengathi uNkulunkulu angamqinisa nethimba lakhe, ukuze aqhubeke enze umsebenzi omuhle awuqalile wokufukula nokuthuthukisa amaciko,” kuchaza uRebecca. ‎