Izindaba

UNTULI UCHAZE USHENGE NJENGOMUNTU OBETHANDA UBUNYE

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli. ISITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, uchaze uMntwana uMangosuthu Buthelezi njengomholi obethanda ubunye, ukuthula nokwakha isizwe.

Lokhu ukusho ngesikhathi kubungazwa usuku loMtwana uMangosuthu Buthelezi KwaPhindangene, eMahlabathini oLundi, lapho bekukhunjulwa khona impilo, nendima ayiklamile kubantu baKwaZulu-Natal nasezweni jikelele.“Ifa likaShenge kufanele liqhubeke ikakhulukazi ukufundisa izizukulwane ezizayo ngokubaluleka kobuholi, ubunye nokulondolozwa kwesiko lamaZulu,” kubeka uNtuli.

Lo mcimbi uphinde waba yingxenye yesigaba sesibili sephrojekthi yokuthuthukisa indawo yokuphumula kaShenge ukuze ibe yindawo yamagugu.Okunye uNdunankulu uNtuli, akubalulile ukuthi owaMengameli wokuqala wabantu abansundu uDkt Nelson Mandela, wayekholelwa kakhulu kuShenge.