U-BIRKETT UVIKELE ISICOCO SAKHE KWIDUSI

ISITHOMBE: SPHAMANDLA MBHELE
UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UMGWEDLI osemkhantshubomvu u-Andy Birkett uvikele isicoco sakhe kumjaho wokugwedla isikebhe obizwa ngokuthi iDusi Marathon.
Lo mjaho oba khona minyaka yonke, ongamakhilomitha angu-120, kusuka eMgungundlovu ufike eThekwini.
UBirkett waseMgungundlovu uvele wakuphinda wabashaya emakhanda ngokuwina lo mjaho.
Kuthiwa uBirkett ogweve nalesi sicoco usekhonye iminyaka eyi-15, kwagcina ukuwina uGraeme Pope Ellis owayegwedla ngama-70s nangama- 80s.
“Ngiwuthokozele lomjaho kulo nyaka nakuba ubungekho lula. Ngiyaye ngiqale ngingenaso isiqiniseko sokuthi kuzophela kanjani. Usuku lokuqala lwanginika umfutho,” kusho uBerket.
Uthi okubalulekile kulo mdlalo
ukuzinikela.
“Amanzi ebephakeme kakhulu kulo nyaka. USbonelo Khwela ubengimise kanzima kusuka ngosuku lwesibili,” kuchaza uBirkett.
USbonelo Khwela uphume isibili kulo mjaho, ubuye kwipodium emva kweminyaka eyi-6.
“Ukubuya kwami ngemuva kokuhlala isikhathi eside, ukuphuma isibili kungijabulisile, kuveza ukuthi ngingayinqoba iDusi. Ngiyajabula ukuthi ngibuyile, ngibuye kwezwakala njengoba ngikwazile ukumbhincisela ngangxanye u-Andy. Sonke siyazi ukuthi ungumgwedli onamandla,” esho.
