
I-IFP IFOLOSA NGO-MKHULEKO HLENGWA KWESOBUMEYA ETHEKWINI
OWAMI THABETHE
BANINGI abancoma ukuqokwa kukaMnuz Mkhuleko Hlengwa, kwesobumeya weTheku, nakuba abanye amehlo bebewabhekise kuMnuz Sizwe Sikhakhane, kulandela ukuthi iqembu Inkatha Freedom Party (IFP) isimemezele ngokusemthethweni, ukuthi bafolosa ngoHlengwa. Kukhetho lohulumeni basekhaya mhla ka-4 kuLwezi.
UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, wenze kwaphela ukuqagela kubantu, ngesikhathi ememezele uHlengwa, ukuthi i-IFP ifolosa ngaye kwesobumeya weTheku, kwisithangami sabezindaba ngoMsombuluko, mhlaka 31 Ncwaba 2026, eThekwini.
U-Hlabisa uthe iqembu lithathe indlela ehlukile kuleli dolobha elikhulu, ngokusebenzisa isu elibizwa nge ‘two horns strategy’, ngaphansi kwaleli su, uHlengwa uzohola noSizwe ‘Mavava’ Sikhakhane, oqokwe ozobanga esokuba yiPhini leMeya yeTheku.
UHlengwa oneminyaka engama- 39 ubudala, ungusopolitiki onolwazi olunzulu ophinde abe yilungu lePhalamende kusukela ngonyaka ka-2012.
Iningi likholelwa ekutheni ukuqokwa kukaHlengwa noSikhakhane kuwubuhlakani bokuhabulisa uSikhakhane, kwisipiliyoni sikaHlengwa.
