Uncategorised

ISILO SINCOME UMKHANYAKUDE NGOKWEHLA KOKUKHULELWA KWEZINGANE

I IZITHOMBE: SPHAMANDLA MBHELE

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

ISILO sishayele izandla isifunda saseMkhanyakude ngokwehla kwesihlava sokukhulelwa kwezingane ezingaphansi kweminyaka engu-15 ubudala.
Lokhu iNdlulamithi yamakhosi ikusho ngesikhathi ibungaza uMkhosi waMaganu esigodlweni Emachobeni eNgwavuma.
Kulo nyaka lomkhosi uqondene nosuku lwabesifazane lomhlaba (International Women’s Day, olubhekelela ukuthuthukisa kwamalungelo abesifazane namantombazane ngokulwa nazozonke izindlela zokucwaswa kwabo. ISilo sibonge ukuthi ngesikhathi sokubusa kwaso lesi sihlava siphelile kusuka eNgwavuma kuze kuyoshaya esizweni sakwaTembe ngenxa yokubambisana komphakathi, amakhosi nohulumeni.
ISilo sigqugquzele ukuthi zilondolozwe izihlahla zamaganu.
“Kumele singakuyekeleli ukulimala kwemvelo phambi kwethu ngoba ukulimala kwayo, ukulimala kwethu.Njengoba indawo yase Ngwavuma iyona enezihlahla eziningi zamaganu ukwedlula ezinye, kufanele kube nomkhankaso oza nendlela yokuvikela lesihlahla. Sizoqala umkhankaso wokwandiswa kokutshalwa kwalesi sihlahla ngokubambisana nezinhlaka ezahlukene. Ngenkathi sandisa ukutshalwa kwalesihlahla, nohulumeni kumele asondele kubanjiswane ukuze kuzokwanda namathuba umsebenzi,” kubeka iSilo uMisizulu kaZwelithini.
Ephetha uthe lo mkhosi uyisikhumbuzo sabaqali bawo okunguMtanenkosi uMantfombi kaSobhuza neSilo esibuzile uZwelithini kaBhekuzulu.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMnuz Mntomuhle Khawula uncome uMkhosi waMaganu nokubaluleka kokongiwa kwamaganu.
Uthe lokhu kuwuphawu oluhle lokwakha ubudlelwana obuhle emiphakathini nasemazweni angomakhelwane.