Ezobumnandi

IPHENDUKE IMVUSELELO EKA-MALUSI MBOKAZI

MZWANDILE MHLONGO

UMCULI woKholo
uMalusi Mbokazi, ugile izimanga egubha iminyaka eyi-10, aqala ukucula yedwa, ngokwenza umcimbi obeyindumezulu obuqoshwa bukhoma, obizwa ngeThe Revival With Malusi Mbokazi, ngoMgqibelo eDurban ICC Arena.

Lo mcimbi obekulindeleke ukuthi ube yikhonsathi ugcine usuphenduke umvuselelo yokholo, begcwele kuchichima, njengoba amakholwa aqhamuka ezindaweni ezahlukene abe theleke ngobuningi.

UMalusi uthe iThe Revival, ibingeyona nje indlela yokugubha umsebenzi wakhe womculo, kodwa ibiyithuba lokuthi abantu bavuselele ukholo lwabo.

“Lo mcimbi awuwona nje umgubho womsebenzi wami, kodwa yisikhathi sokuthi sonke sivuseleleke, selapheke futhi sibonge uNkulunkulu,” kusho uMalusi.

I-albhamu ne-DVD eqoshwe bukhoma kulobu busuku kulindeleke ukuthi ikhishwe ezinyangeni ezizayo.

Le ndumezulu yekhonsathi iqale ngehora lesi-18:00, ivulwe ngokusemthethweni umsakazi weGagasi FM, uLinda Sibiya.
Izethameli zihlabeke umxhwele ngesikhathi uMalusi engena noHlengiwe Mhlaba.

UMalusi ungene emculweni ngonyaka ka-2004, ecula phambili kwiqembu lomculo elicula i-Acapella okuthiwa Abanqobi, uqale uhambo lwakhe lokuba ngumculi ozimele ngonyaka ka-2015 ngemuva kokubhekana nenkinga yezempilo eyacishe yamphuca izwi.