Uncategorised

ISILO SETHULE UMNTWANA UNATHI NJENGOMKHULUMELI WASO

. Esithombeni ngenhla iNkosi Phathisizwe Chiliza. Kwesingenzansi uNgqongqoshe uMntomuhle Khawula noMntwana uNathi. IZITHOMBE: SPHAMANDLA MBHELE

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

ISILO sethule ngokusemthethweni uMntwana uNathi ozokuba umkhulumeli waso,
ISilo uMisuzulu kaZwelithini sikumemezele ngokusemthethweni uMntwana Nathi waKwaMandlakazi njengomkhulumeli waso, ngesikhathi kunoMkhosi waMaganu, eNgwavuma, esigodlweni saseMachobeni ngoMgqibelo.
UMntwana uNathi ungene esikhaleni sikaMntwana Simphiwe okhonjwe indlela iNdlulamithi, ngezizathu ezingadalulangwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi akusiye yedwa uMntwana uSiphiwe owakhonjwa indlela, njengoba noMfu Thulasizwe Buthelezi akhishwa kwisikhundla sokuba iNdunankulu kaZulu.
Nakuba lesi sikhundla sikaNdubankulu kaZulu, singakavalwa kodwa kubonakale iNkosi Phathisizwe Chiliza ikwazile ukuvalala isikhala.
USekela Ndunankulu kaZulu iNkosi Chiliza ngesikhathi yethula inkulumo ikhuthaze ukuthi, kwesekwe lo Mkhosi.
Inkosi uChiliza ituse iqhaza elibanjwe uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko Namasiko oholwa uNgqongqoshe uMntomuhle uKhawula. “Nginethemba lokuthi Gabhisa uzokubukela eduzane lemikhosi yeNgonyama, imikhosi ebaluleke KaZulu,” esho.