Izindaba

USEPHEFUMULILE UNDLUNKULU WESILO KWELOKUKWELETA UMCULI

UNATHI Sithole ongumculi womculo wokholo
ISITHOMBE: AFROCHAT

ZETHU PHOSWA

UKHALE kwezwakala ezinkundleni zokuxhumana umculi woKholo uNathi Sithole, obebhale ukuthi ukweletwa uNdlunkulu uNomzamo uMaMyeni, kulandela ukuthi lo mculi ethole ucingo obeluvela kuNdlunkulu olumthembisa ukuthi izofakwa ngokushesha imali yakhe.

UNathi ubhale ezinkundleni zokuxhumana ku-Facebook, ethi sebaholelwa bonke ayeqashwe nabo,
emcimbini owawungoMbasa nonyaka kodwa yena akaze akhokhelwe kuze kube imanje.

Lo mculi uthe ngemuva kokubhala ku-Facebook, ube esethola ucingo oluvela eNdlunkulu, lucacisa ukuthi uNdlunkulu uMdolomba wayikhipha imali kodwa inkinga yaba kumuntu okwakufanele akhokhele abaculi.

“UNdlunkulu uMaMyeni uthi yena uyayikhipha imali yokukhokhela abaculi bese iphutha liba kulo muntu asuke emnike umsebenzi wokuthi akhokhele amaciko,” kubhale uNathi.
UNathi ube eseyikhipha ngokushesha i-post yakhe ku-Facebook.