
UZWANE UQOKELWE KWESOKUQEQESHA I-BAFANA BAFANA
MALIBONGWE MAZIBUKO
UMQEQESHI wa-AmaZulu FC, u-Arthur Zwane, kuvela ukuthi usebheke kwiBafana Bafana, njengoba kulindeleke ukuthi ahlangane neSAFA maduze ukuze kuphothulwe isivumelwano sakhe sokuba yingxenye yeqembu labaqeqeshi beqembu lesizwe.
Kusabalele imibiko ethi uZwane usevumile ukuncelisa amawele, ngemuva kokuthi iSafa ifuna athathe isikhundla sokuba yiphi lesibili likaMosimane, futhi aqhubeke nokuqeqesha AmaZulu.
UMosimane, osanda kukhuza ibuya kwiBafana, usanda kulanda uMorena Moremoreboli obeqeqesha iqembu lesizwe laseBotswana.
“UZwane ubengomunye wabaqeqeshi abenze kahle kakhulu, ngesikhathi sezingxoxo zokukhethwa kwabasebenzi bezobuchwepheshe beSAFA, nakuba okwamanje indima yakhe kulindeleke ukuthi ibe ngeyesikhashana ngenxa yokuthi usaqeqesha i-AmaZulu.” kusho umthombo.
UMosimane uzophinde asebenze noMusi Matlaba, owake waba yiPerformance Analyst kwiMamelodi Sundowns noKabelo Rangoaga obhekelele ubuqatha kwabadlali. Iqembu elisha leBafana selibheke emidlalweni yokuhlungela i-Afcon ka-2027. Lizokwamukela iGuinea e-Orlando Amstel Arena mhlaka 26 kuMandulo 2026, lilandelise nge-Eritrea ngomhlaka 30.
