Izindaba

KUSABALALE IZINSONGO ZOKUSATSHISWA KWAMALUNGA E-SAFA

SEKUSATSHISWE amalunga eSAFA okulindeleke ukuthi abe yinxenye yokhetho luka mengameli.
ISITHOMBE: facebook

MALIBONGWE MAZIBUKO

SEKUVELE ukungezwani ngaphambi kweSAFA Elective Congress eqhubekayo namuhla ngoMgqibelo, njengoba iSAFA isiqinisekisile ukuthi ezinye izithunywa zithole zisatshisiwe zathola nezinsongo zokubulawa.
Lokhu sekuphoqe ukuthi kuqiniswe ezokuphepha, kanti namaphoyisa azisiwe ngalesi simo.

Naphezu kwalezi zigameko iSAFA ithe akukho okuzophazamisa uhlelo lokhetho.
I-Elective Congress iyaqhubeka namuhla, mhla ziyi-12 kuMandulo 2026, lapho kuzokhethwa khona uMengameli omusha weSAFA, amalungu eNational Executive Committee kanye nobuholi ezifundazweni. Isikhundla sibangwa ngumengameli weSAFA, uDanny Jordaan, noSandile Zungu ongumphathi waMaZulu.

Le ngqungquthela iza ngesikhathi kunemizamo okusolwa ukuthi ihlose ukuphazamisa inqubo yokhetho, kodwa iSAFA igcizelela ukuthi izinyathelo zokuphepha sezithathiwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi izithunywa ziphephile.

Lo mcimbi uzosingathwa yizikhulu ezimele iFIFA, CAF neCOSAFA noNgqongqoshe wezeMidlalo, uGayton McKenzie.