Uncategorised

UBHEKWE NGABOMVU OZOHLOMULA IMOTO

UMBIKO: ZETHU PHOSWA NO-AKHONA DLAMINI

I-KASLAM Events ilindeleke ukuba iqhubeke nomcintiswano wayo obizwa nge-INKasi Xperience Win a Car Competition, lapho ezokhetha khona ozohlomula imoto okwakumele ihomulwe eMagogo ngo December ngonyaka ewedlule .
Lo mncintiswano obhekwe ngabomvu ubambisene nabalingani abahlukahlukene okubalwa i-Ethekwini Municipality unit Durban Tourism uzoba ngomhlaka- 19 March 2025 ngolwesihlanu, eWiseman Carwash and Shisanyama,Kwamashu eThekwini.Bathembise ukuthi lo mcintiswano uzoba indumezulu kumakhasimende wabo nakulona ozohlomula ngemoto.Lokhu bakwenza ngoba befuna ukubonga kubo bonke ababaxhasile kuyoyonke leminyaka.
Kubonakala izinkumbi zabantu ziwuthakasela lo mncintiswano, kuyilowo nalowo efisa engathi angathola ithuba lokuzihlomulela ngemoto. Abasemcintiswaneni bazothola imiqhafazo ebamemayo.