Izindaba

UXABA UVULE UMZILA OZOHAMBA AMABHASI E-GO! DURBAN

IMEYA uXaba ngesikhathi enikela ngokusemthethweni izindlu kubalahlali baku-Ward 22.IZITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY

OWAMI THABETHE

KUVULWE ngokusemthethweni i-Eleventh Avenue Interchange eClermont, okuyisikhungo esidle imali eyiR312 million sakhiwa, sivulwe iMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, ngoLwesine mhlaka 17 KuMandulo.

Ukuvulwa kwalesi sakhiwo kube yingqophamlando ohlelweni lwe-GO!Durban Integrated Rapid Public Transport Network, njengoba umasipala usulungiselela ukuqala kokusebenza kwalolu hlelo lwezokuthutha ngoZibandlela.”Ngicabanga ukuthi konke kumi ngomumo. Sesilinde usuku lokuqala lokuhamba kwamabhasi ngoZibandlela”, kusho uXaba.Ngemuva kokuvulwa umzila, uXaba uphinde wanikezela ngezindlu kubahlali bakuWard 22, waphinde wayohlola inqubekela phambili yephrojekthi yezindlu eKloof Extensions 15 no-21.

IMeya uphinde wahlangana nabahlali eSugar Ray Xulu Stadium, lapho ebambe khona umhlangano wokuxoxisana nomphakathi, ngezindaba ezithinta ukuthuthukiswa kwezindawo zabo nezinsizakalo zikamasipala.