Uncategorised

UKHUZA IBUYA UMSAKAZI OWAPHENDUKA UMANTUNTA NENDISHI KU-KHOZI FM

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UKHOZI FM lugcine lubuyisele umsakazi olwagcina selumenza umantunta nendishi uSthandwa Nzuza.

Ukubuya kukaSthandwa Nzuza kumenyezelwe izolo, kuhlelo Breakfast Show, abaphathi boKhozi FM.

USthandwa obekubonakala sengathi unesigcwagcwa kubaphathi boKhozi FM, abadala abanye babo okwagcina ibhantshi ligcwale umoya.
Lo msakazi obesegxile kwezokulingisa nobekubonakala enza kahle kukona, wahamba ngonyaka ka-2019, ngesikhathi kungavuselelwa inkontileka yakhe kulo msakazo.
USthandwa uzongena ngoMgqibelo 3-6 ohlelweni obelushayelwa uKhetha Gwala.
Kanti omunye umsakazi onekhono elimangalusayo UMafresh, naye obebonakala sengathi unesigcwagcwa kubaphathi abadala, labo izinyawo zabo esezagcwala udaka, uthathe iTop 20 ngoMgqibelo ebeyenziwa uMandla Magwaza.